News24

USelebi anamahora angu-48 engaphandle

2011-12-02 12:45

Bloemfontein - Lowo owayengukhomishana wamaphoyisa uJackie Selebi kumele aye ejele eliseGoli emahoreni angu-48 ezayo ukuze ezoqala isigwebo sakhe seminyaka engu-15, kusho iNational Prosecuting Authority ngoLwesihlanu.

INkantolo eNkulu yokuDluliselwa kwamacala ikhiphe ukuthi siyaphikiswa isicelo sokuguqula isinqumo senkohlakalo esafakwa nguSelebi.
 
USelebi wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadlala ejele emuva kokutholakala enecala lenkohlakalo emuva kokwamukela imali kumshushumbisi wezidakamizwa uGlenn Agliotti.

Ubesangaphandle okwamanje njengoba bekusaqhubeka isicelo sakhe.

Kwethulwa isigwebo sakhe eNkantolo eNkulu yaseGoli ngo-Agasti 3 2010, iJaji uMeyer Joffe wabiza uSelebi "ngephixiphixi".

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • khetha - 2011-12-02 13:28

    sithi phambili ngokuboshwa kukaselebi.

  • pages:
  • 1