News24

UShilowa uphawule ngolukaMalema

2012-09-18 15:58

Johannesburg - UMbhazima Shilowa owahlubuka eqenjini i-African National Congress uzwakalise ukukhathazeka kwakhe ngokuvinjwa kukaJulius Malema ukuba angene enkundleni yezemidlalo eNorth West.

"Ukunqatshelwa kukaMalema ngamaphoyisa ukuba angene eWonderkop Stadium eMarikana akhuleme nabavukuzi, kumele kugxekwe,” kusho uShilowa.

NgoMsombuluko, uMalema uqoshwe evinjwa amaphoyisa , etshelwa ukuthi akahambe kule ndawo ngesikhathi ezama ukungena ngaphakathi.

UMalema uthe ubemenyiwe, ngaphambi kokuba amaphoyisa amphoqe ukuba angene emotweni ahambe.

UShilowa uthe: "umthethosisekelo usinika igunya sonke, kuhlanganisa naye uMaleka, lokuba sikhulume lapho kubuthene khona abantu eNingizimu Afrika ngale kovinjwa, inqobo nje uma kuhambisana nomthetho."
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • dmcmr.dhai - 2012-09-18 17:09

    Hiabo sekukhuluma nezipoki

      esrom.sandy - 2012-09-19 07:19

      UShilowa ungowaliphi-ke kambe iqembu?

  • thokozani.mnyandu - 2012-09-19 07:51

    Ukungcinene sekukhona ongakhuluma ngakho, mhlawumbe ningaziqalele iqembu lenu ngoba nobabili aninamaqembu. I-strike siphelile ke manje umalema ubengazimisele ngokuqeda ukungaboni ngaso linye mphakathi komqashi namasebenzi kodwa ubefuna ithuba lokuthukana no-ANC

  • lwazi.mjiyako - 2012-09-19 11:10

    Konje ubani uShilowa?

      vusi.hadebe.5 - 2012-09-19 12:48

      yihlubuka elibulawa amakhaza njengoba phela kuyabanda ngaphandle kukaANC. ngizwa kuthiwa uShilowa usedayisa impepho eberea ethekwini

  • pages:
  • 1