News24

USihlalo we-ANC eN West ufuna inkulumo noZuma

2012-12-11 14:30

Johanesburg - USihlalo we-African National Congress eNorth West uSupra Mahumapelo, uthi ufuna ukuxoxisana noMengameli uJacob Zuma amcele ukuthi afake owesifazane abe yiPhini lakhe kuzwelonke ngo-2014.

Uthi lokho kuzomlungiselela ukuba akwazi ukuthatha izintambo ngemuva kukaZuma ngo-2019.

UMahumapelo utshele iSowetan enkulumweni abenayo nabo ukuthi lesi yisikhathi esifanele sokuba uZuma abeke owesifazane ozothatha lesi sikhundla uma yena esephuma”.

Uthi uzokhuluma noZuma kuze "ezocabangisisa kahle ngalokhu”.

UMahumapelo uthe uma usomabhizinisi uCyril Ramaphosa, engomunye walabo abagaqele esephini likamengameli kanye noKgalema Motlanthe, enqoba eMangaung, akumele abeyiphini likamengameli kuhulumeni kaZuma.

Uthe uZuma kumele amyeke uRamaphosa athathe owesifazane abe yiphini lakhe kuhulumeni.

I-ANC Women's League yanqaba ukuphakamisa owesifazane kulesi sikhundla kunalokho yeseka uZuma ukuba athathe ihlandla lesibili.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • Khwenyane - 2012-12-11 15:10

    Asazi kwazi iNkosi amadoda ayoyivuma lendaba econsa amathe enje efuna ukusondela ebhodweni elixhutha amafutha. soyicela ivuthiwe ayi iseluhlaza. thina sesiyabukela ziwushaya.

  • pages:
  • 1