News24

UZuma ungundlovukayiphikiswa - Kenny Kunene

2013-06-21 10:02

Johannesburg - Usomabhizinisi ongunontanda kubukwa uKenny Kunene, usekhwele wadilika kuMengameli wezwe uJacob Zuma, wambiza nge "silwane", wathi ungundlovukayiphikiswa, esho encwadini eshicilelwe ephephandabeni iThe Star.

UKunene ubhale wathi: "Phambi kwabantu uyahleka umoyizele, kodwa iqiniso wukuthi uziphathisa okwesilwane esingahlasela izimbangi zaso noma kunini, ngesizathu salokho abantu bayasaba ukukuqonda ngqo."

UKunene ubhale wathi wayemeseka uZuma ngaphambi kokuthi abe ngumengameli.

"Ngibhala lokhu ngoba ngiphoxekile ngokuqhuba kweqembu i-African National Congress, kusukela waqala ukulihola.

"Mengameli angifuni ukuba ngomunye walaba abakutshela ukuthi wembethe uzifihlile, ekubeni ube wembuleke izinqe. Uhleli obala," kuqhuba uKunene, efanekisa ngendaba ye-Emperor's New Clothes.

Uthe ubudlelwano bukaZuma nomndeni wakwaGupta busehlisile isithunzi sikamengameli, ube eseziphendulela ngempilo ewubukhazikhazi ayiphilayo, wathi kuncono yena akasebenzisi imali yabakhokhi bentela.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • Philani Mthonti - 2013-06-21 10:55

    U Kenny akahambe eyonaka intombizakhe eziwu 15 ahlukane no Zuma, wazin nge politiki yena ngoba into ayaziyo utshwala njengoba esakhuluma bona namanje!

  • Chris Young Myeni - 2013-06-21 11:02

    Cha bakwethu akeniyeke ubaba msholozi nawe ungaba ungundlovukayiphikiswa akesihloniphe ubaba uzuma simnikeze indawo yakhe ukuthi unemali kufuneka ukhulume nomayini uyabheda nje lo kunene

  • Mzwandile Nhleko - 2013-06-21 15:16

    mxm attention seeker

  • Mkhize Bhava - 2013-06-22 07:34

    Uyabona i woonga idlala ngabo abanye abantu ngiyaktshela

  • pages:
  • 1