News24

UZuma unxusa ukubambisana

2013-02-15 08:17

Cape Town - UMengameli Jacob Zuma ugcizelele ngokuthi isazobuyekezwa eyentela yezimayini ngesikhathi ethula inkulumo ebhekiswe esizweni kuvulwa iPhalamende.

UZuma uvumile ukuthi uyazi ngezikhalazo zabebhizinisi ezikhala ngokungathuthuki, wabe esecela nezinye izinhlaka, okubalwa ezabasebenzi ukuba zifake igxalaba ukuze kwakheke amathuba omsebenzi.

“Emhlanganweni wami wokugcina nabezamabhizinisi, lo mkhakha waphakamisa ukuthi ukuze umnotho usimame ngokuphindiwe kumele sisuse izithiyo ezikhona endleleni," esho.

“Sizoxoxisana nezamabhizinisi, abasebenzi, nezinye izinhlaka ukuze kutholakale izisombuluko."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter