News24

UZuma utheleke e-Equatorial Guinea

2011-06-28 07:56

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma uhambele e-Equatorial Guinea ngoLwesibili njengoba kuzoba nengqungquthela yezinsuku ezintathu ye-African Union.

Uphelezelwe ongqongqoshe abahlukene kule ngqungquthela yesi-17 ekubhekwe ngayo ukugqugquzela ukuthuthuka kwentsha nokuthi izicije ngamakhono.

Le ngqungquthela iphinde ibheke nezinkinga ezihlangabezana nentsha yase-Afrika.