News24

UZuma wesekwa yizifundazwe ezinhlanu

2012-11-29 08:30

Johannesburg - Kubukeka kumhambela kahle uMengameli Jacob Zuma ekutheni aphinde aqokelwe esikhundleni sakhe engqungqutheleni ye-African National Congress, eMangaung.

Lokhu kulandela ukuhlaluka kwemibiko ethi uZuma wesekwa yizifundazwe ezinhlanu.

Kungase kungacaci-ke ngesikhundla sesekela lakhe njengoba ebukeka ekhula amazwi afuna injinga uCyril Ramaphosa aqhoqhobale lesi sikhundla.

UZuma, nowathatha izintambo ngesikhathi kuketulwa uThabo Mbeki ngo-2007, ubukeka ethwelwe ngeqoma ezifundazweni eziyisihlanu, okubalwa neKwaZulu-Natal, nenesibalo esiphezulu sezithunywa ezizovota eMangaung.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter