News24

Uboshiwe osolwa ngokudlwengula umkakhe

2013-02-27 14:05

Johannesburg - Izolala ibaliwe njengenkomo indoda yaseZola, eSoweto, eboshelwe icala lokushaya nokudlwengula inkosikazi yayo ,kusho amaphoyisa aseGauteng.

Ngokusho kukaWarrant Officer Kay Makhubela, umsolwa oneminyaka engu-55 ubudala, washaya waphinde wadlwengula umkakhe, mhlaka-17 Febhuwari, ngesikhathi unkosikazi efika ekhaya ebuya ephathini.

"Wamkhumula ngenkani wamdlwengula, emshaya," kusho uMakhubela.

Unkosikazi wavula icala, indoda yase iboshwa ngoLwesibili, kulindeleke ivele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseProtea ngoLwesine.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • Tholithemba B Ntsele - 2013-02-27 16:05

    Isimanga!!!

  • eric.mhlengani - 2013-02-28 13:00

    ukufa kwesizwe lokhu .kumele ngijabule uma umkami ebuya ephathini ebusuku .khumbula ukuthi utshwala behlela ngezansi .kusho ukuthini lokho na? uma ephuza akusiye owakho kuphele

  • pages:
  • 1