News24

Uboshiwe ozame ukubulala umyeni wakhe

2012-10-10 14:38

Durban - Zimkhalele owesifazane ozame ukubulala umyeni wakhe ngokumbhunyela nge-acid KwaMashu, enyakatho neTheku, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesithathu.

UCaptain Thulani Zwane uthe lo wesifazane, 47, uboshwe ngoLwesibili.

"Umsolwa ube nengxabano nomyeni wakhe ngoba emsola ngokuqonywa."

Lo wesifazane ube esebhunyela umyeni, 42, nge-acid elele kusofa.

Indoda ibe isitholwa yindodana yayo, 14, izama ukubalekela unkosikazi, wayibizela i-ambulensi.

Ibe isihanjiswa esibhedlela, nalapho kuthiwa kubonwa ngokusa kuyo, kusho uZwane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter