News24

Ubuholi be-ANC abukhethwa ngabezindaba - Mkhize

2012-12-10 08:30

Durban - I-African National Congress iyaziqokela yona ubuholi ngenxa yomsebenzi ewubonayo, hhayi ngoba buphuma phambili njalo ezindabeni, kusho uSihlalo weqembu KwaZulu-Natal uZweli Mkhize.

“Abaholi bethu sibaqoka ngokwemisebenzi yabo. Asibakhethi ngoba nakhu bevela njalo kwabezindaba," usho ekhuluma e-University of Zululand.

Ube esechitha umbiko weMail&Guardian ocaphuna iSekela likaNgqongqoshe wezokuVikela uThabang Makwetla ethi amalungu e-ANC "enziwa izigqila zokuvota".

UMkhize uthe amagatsha e-ANC yiwo enza izinqumo ngalabo afuna abahole, akekho "oluswayo".

“Sibuqokile ubuholi bethu futhi asijiki kulokho," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter