News24

Udilikajele kwababulele uthishanhloko

2012-03-23 16:31

Cape Town - Izigilamkhuba ezimbili zigwetshwe odilikajele ngecala lokubulala uthishanhloko wasesikoleni iNew Crossroads, kusho imibiko yangoLwesihlanu.

Ngenyanga kaFebhuwari iNkantolo eNkulu eWestern Cape, yathola uLuvo Nketho noVuyisile Ndzumeka, benecala lokubualala uNomzoxolo Dziba.

Lelicala lenziwe ngonyaka ka-2009.
 
Isihlobo sikathishanhloko uNonkonzo Dziba, uthe uNketho noNdzumeka bayingozi kakhulu emphakathini.

"Bafanele ukuthola odilikajele.”

UDziba, wadusthulwa wabulawa esesikoleni iSithembele Mathiso High School, ngesikhathi ephenya ngezinsolo zokungaphathi ngendlela imali yesikole.

UNdzumeka, wabe esebenza njengonobhala esikoleni, inkantolo ithole ukuthi wathenga uNdzumeka ukuthi abulale uDziba.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).