News24

Ugwetshiwe umkhulu ngelokudlwengula eKZN

2012-09-13 15:22

Johannesburg - Owesilisa ugwetshwe iminyaka engu-25 esendlini emnyama eNkantolo yeMantshi eDundee ngokudlwengula umzukulu wakhe, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesine.

ULieutenant Colonel Vincent Mdunge uthe le ndoda, 52, igwetshwe ngoLwesithathu ngaleli cala elenzeka ngoJulayi 2011.

Le ndoda kuthiwa yabanjwa oqotsheni ngumama wengane idlwengula umzukulu wayo, 6.

Kuthiwa yabe isishweleza kumama wengane, kuqhuba uMdunge.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • nkosinathi.mdluli.33 - 2012-09-14 01:16

    Mina impela sekungeneni kubantu bakithi,ukuthi lelikhehla selingaze lidlwengule umzukulu walo pho.se ziphelile yini izalukazi la ngaphan dle.bekumele lisuswe ubuntu balo libulele ikusasa lengane alig wetshwe udilika jele yilezimbiza a bazisebenzisayo

  • luvuyo.ntozakhe - 2012-09-14 05:52

    Ayiliyabhubha!!!!!!!!!!

  • pages:
  • 1