News24

Uhambise izethulo uMalema

2012-04-19 16:41

Johannesburg - Umholi wophiko lwentsha ye-ANC omisiwe uJulius Malema kanjalo namanye amalungu amabili obuholi bakwazile ukuhambisa izimpendulo zabo ekomidini leqembu, kusho uMkhulumeli we-ANC uKeith Khoza.

UMalema, uNobhala wophiko uSindiso Magaqa kanjalo noMkhulumeli wophiko uFloyd Shivambu bebenikwe kuze kube nguLwesithathu ebusuku ukuthi bahambise izethulo zabo ngaphambi kwekomidi lokwedlulisa amacala iNational Disciplinary Committee of Appeal.

UMalema waxoshwa yi-ANC ngenyanga kaNovemba 2011, esolwa ngokudala uqhekeko ngaphakathi eqenjini.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).