News24

Uhlasele umkakhe nge-acid

2012-10-05 14:06

Johannesburg - Indoda yaseJabulani eSoweto kusolakala ukuthi ibhunyele unkosikazi wayo nge-acid, ngesikahthi ithola ukuthi lona wesifazane ufuna ukufaka incwadi yesehlukaniso, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesihlanu.

"Ngemuva kokuthola ukuthi unkosikazi wakhe ufuna ukuthi behlukanise ifindo likasofasilahlane, ube eseya emzini wakhe wafike wambhunyela nge-acid, kusuka ekhanda," kusho uWarrant Officer Kay Makhubela.

Lokhu kuhlasela kwenzeke ngoLwesine ebusuku, owesifazane ushe kakhulu, izihlobo yizo ezibikele amaphoyisa.

Indoda eneminyaka engu-44 ubudala, iboshiwe, izovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eProtea ngoMsombuluko, ibhekene necala lokuzama ukubulala.




 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • nhlanhla.s.zwane - 2012-10-05 15:17

    awu kodwa usenzelani isihluku esingaka lomlisa. awubheke manje usezobhadla ejele, madoda asicabangeni ngaphambi kokuba senze. noma iszathuu singaba ngakanani, asikho isidingo sokuzwisa omunye ubuhlungu. lomlisa ubeshoda ngokujabula komphefumulo. into engabe uyisebenzele wathintana nabezenkolo bameluleke ngokomphefumulo. khona manje usisi wabantu usezosala engumntshingo ubethwa ngubani. nxese dadwethu

  • pages:
  • 1