News24

Uhulumeni akasukumele ukugula kwezimbongolo - DA

2013-01-02 15:06

Cape Town - Iqembu iDemocratic Alliance, e-Eastern Cape, lithi kumele uhulumeni wesifundazwe asukumele indaba yokugula kwezimbongolo.

Zingu-20 izimbongolo esekubikwe ukuthi zifile endaweni yaseKomga, iseKei Mouth naseMorgan's Bay.

Kunokwesabela ukuthi lokhu okubulala izimbongolo kungase kusabalale nesifundazwe, bese kuthikamezeka umnotho.

Okhulumela i-DA uJohn Cupido uthe:  “Abantu basebenzisa izimbongolo ukuthutha umthwalo nokuqhuba eminye imisebenzi. Uma kunegciwane elikhona, lingase lisabalale kalula.”


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).