News24

Ukhala ezimathonsi obulale indodakazi ngephutha

2012-05-18 16:42

Johannesburg - Indoda yaseCenturion ikhala iyazithulisa kulandela ukuthi idubule ibulale indodakazi yayo ithi idububula izigebengu ebezizama ukugqekeza, kusho amaphoyisa aseGauteng, ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Lungelo Dlamini uthi umlisa mumbe lona uvuswe ngumsindo wangananaza walanda isibhamu.

"Ngesikhathi elanda isibhamu uphinde wezwa umsindo ngase mnyango. Ube esedubula kanti udubula indodakazi yakhe," kusho uDlamini.

"Indodakazi ingeniswe esibhedlela isesimweni esibucayi yashonela khona, kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso."

UDlamini uthi abagqekezi babaleke nesikhwama semali.

Akekho oboshiwe okwamanje.


"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • Nonhle - 2012-05-20 18:31

    Ibuhlungu lendaba ngoba nobaba wengane ubethi uphephisa umndeni wakhe kanti kuzokwenzeka umonakalo onjenga lona,yaze yabuhlungu lendaba

  • thandi.sithole.31 - 2012-05-21 17:31

    kwaze kwabuhlungu,koda bengaqondile..

  • pages:
  • 1