News24

Umfana, 16, ubulale intombi yakhe

2011-10-17 07:51

Durban - Umsolwa, 16, uboshiwe kulandela ukugwaza intombi yakhe, 15, eSawoti.

UNompumelelo Shange ushonele ekhaya lakhe kwaMgayi emuva kokugwazwa esiswini.

“Kukholakala ukuthi uShange utholwe yisoka lakhe emi nabafana abathathu. Ube esethi mabahambe noShange, uShange wanqaba," kusho uCaptain Vincent Pandarum.

“Lo mfana wabe eseya ekhaya likaShange ngosuku olulandelayo nalapho kwaqubuka khona ingxabano. Wabe esemgwaza ebaleka."


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter