News24

Umfowabo ka-Oscar kwelokubulala ngokungenhloso

2013-02-25 07:32

Johannesburg - Umfowabo ka-Oscar Pistorius omdala ubhekene necala lokubulala owesifazane engozini yemoto eminyakeni emihlanu eyedlule, kuqinisekiswa ukuhlawumbisela obekugcwele.

UCarl Pistorius wabekwa icala lokubulala ngokungenhloso kulandela ukushona kowesifazane owayehamba ngesithuthuthu ngo-2008; nokuyicala elingahlobene nelikamfowabo omncane osolwa ngokubulala intombi yakhe ngosuku lwezithandani.

Lolu daba belungaziwa kuze kwaba i-eNews Channel Africa ibika ngalo ngeSonto.

Isitatimende esivela emndenini sithi uCarl uvele ngaphambi kwenkantolo ngoLwesine kanti uzophinde avele futhi ngoMashi.

U-Oscar udedelwe ngebheyili ngoLwesihlanu, nobekungudaba oludonse amehlo omhlaba.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter