News24

Umlilo ubashiye bedinga eKapa

2013-02-19 07:31

Cape Town - Babalelwa ku-300 abantu abasale bengenamakhaya ngemuva kokuthi umlilo ucekele phansi amakhaya abo kwaLanga, eKapa, kusho abethimba lezinhlekelele.

Okhulumela lesi sikhungo uWilfred Solomons-Johannes uthe izicishamlilo zithunyelwe emijondolo yaseZone 30 kulandela ukubonakala komlilo emakhamereni omkhandlu.

USolomons-Johannes uthe lo mlilo uqale ngabo-09:00 kodwa abosizo lokuqala baze bakwazi ukuwunqoba ngo-14:00.

“Umlilo ucekele phansi imijondolo engu-83, kwasala abantu abadala abangu-168 nezingane ezingu-120 bedinga,” esho.

Akubikwanga muntu olimalile kanti nembangela yomlilo ayaziwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter