News24

Umlilo ushiye kukhalwa e-E Cape

2012-11-12 07:36

Johannesburg - Umlilo ucekele phansi okungenani imizi engu-100 eSt Francis Bay e-Eastern Cape, kusho uMasipala waseKouga, njengoba kuthiwa isaqhubeka imizamo yokuwunqanda.

“Izicishamlilo zibike ukuthi kucekeleke phansi izindlu ezingu-100 kanti umlilo usaqhubeka ngenxa yomoya onamandla," kusho okhulumela umasipala uLaura-Leigh Randall.

“Imbangela yomlilo ayikaziwa, kodwa uqale ngabo-17:30 eRoyal Wharf, nokuyizindlu zikanokusho,” esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter