News24

Umlilo ushiye ubhubhisile eKapa

2012-11-26 07:44

Johannesburg - Babalelwa okungenani kwabangu-79 abantu abasale bedinga kulandela imililo equbuke emijondolo eyisihlanu ehlukene eWestern Cape ngempelasonto, kusho isikhungo sezinhlekelele.

Okhulumela lesi sikhungo uWilfred Solomons-Johannes, uthe bekusha eLotus River, kwaLanga, Milnerton, Khayelitsha naseKraaifontein.

“Umlilo ucekele phansi imijondolo engu-16 eSiyahlala kwasala dengwane abantu abangu-36," kuqhuba uSolomons-Johannes.

Uthe bahlinzeke izisulu ngokudla, izingubo zokulala nezokugqoka kanjalo nezimpahla zokwakha.

Akucaci kahle ukuthi yini edale lo mlilo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter