News24

Umphakathi utitinye obesolwa ngobugebengu

2012-01-05 08:54

Polokwane - Owesilisa, 20, ushonele esibhedlela iLebowakgomo emuva kokushaywa yisixuku ebesimsola ngokweba esitolo, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesine.

UDumi Phasha ushaywe kabi umphakathi ngaphambi kwamabili ngoLwesibili eTsoaing eGa-Mphahlele, kusho uCaptain Mamphaswa Seabi.

Ube esehanjiswa esibhedlela, nalapho eshonele khona ngoLwesithathu.

USeabi uthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

"Amaphoyisa acele umphakathi ukuba ungazibambeli umthetho ngezandla," esho.

Akukaboshwa muntu.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter