News24

Umshayeli wesitimela uhlenge ingane, 3

2011-12-28 08:25

Johannesburg - Umshayeli wesitimela ube yintandokazi yabaningi ngesikhathi ehlenga intombazanyana eneminyaka emithathu ubudala ngaphansi kwesitimela sakhe eManqulo Village ngaseButterworth, e-Eastern Cape, kubika iPretoria News.

"Akanamiyocu, uyadlala njengoba sikhuluma nje,” kusho ubaba wale ngane, u-Ayanda Sihu, 32, ngoLwesibili.

Uqale ukubona ukuthi indodakazi yakhe ilahlekile ngemuva kwehora lesibili ngoKhisimusi.

"Ubeye esitolo ukuyothenga oncamnce nezinye izingane zezihlobo zakhe," kusho uSihu.

“Ubengayazi le ndawo njengoba besivakashile. Thina sihlala eGrahamstown.

Ngosuku olulandelayo ngezithuba zehora leshumi ebusuku kwakhala ifoni kaSihu, efonelwa abasesiteshini sezitimela bemazisa ngalesi simangaliso.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter