News24

Uqweqwe lommeli kwelokudlwengula eKZN

2013-02-05 10:03

Durban  - Ummeli waseThekwini nowake wahlala njengejaji eliyibamba eNkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal usolwa ngokunukubeza ngokocansi isihlobo sakhe sesifazane, kubika iphephandaba iThe Witness ngoLwesibili.

UMayakisten "Mike" Govindasamy usolwa ngokuwotawota owesifazane, oseneminyaka eko-20 manje, ngesikhathi elele naye nonkosikazi wakhe uMuniamma ngo-2007.

Amaphepha aseNkantolo eNkulu yaseThekwini abeka ukuthi le ngane yayivakashele umndeni wakwaGovindasamy e-Effingham Heights ngesikhathi umsolwa eyithinta.

NgoJulayi 2010 kusolakala ukuthi umsolwa wabe esedlwengula le ngane ilele phansi esiphontshini egumbini lakhe lokulala.

UGovindasamy uyaziqhathulula kula macala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter