News24

Usagcwele izigange obulale izingane eKapa

2012-05-29 08:29

Cape Town - Usagcwele amathafa umshayeli oshayise wabulala abafana ababili eDelft, eKapa, kusho umbiko wephephandaba iCape Times ngoLwesibili.

Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso emuva kokushona kukaSanelisiwe Magqadeni, 7, nomfowabo uLethu Mfengwane, 2, ngesikhathi beshayiswa yimoto beya ekhaya ngeSonto ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer November Filander uthe izakhamuzi zikholwa ukuthi umenzi walokhu umshayeli wemoto emhlophe yohlobo lweBMW okuthiwa ubehamba ngesivinini esiphezulu.

NgoMsombuluko izakhamuzi zibhikishe zavala u-Abedale Road, nalapho kushonele khona lezi zingane.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter