News24

Usathandwa eKZN uZuma - Ucwaningo

2012-09-28 15:49

Johannesburg - Abathathu kwabahlanu abasebasha baseNingizimu Afrika abafuni ukubona uMengameli uJacob Zuma ekhethwa ihlandla lesibili, kusho umbiko wocwaningo lwabakwaPondering Panda, ngoLwesihlanu.

"Umphumela wocwaningo ukhombisa ukuthi u-61% wentsha yaseNingizimu Afrika ikholwa wukuthi sekuyisikhathi sokuba uZuma aphume esikhundleni sakhe,” kusho iPondering Panda esitatimendeni.

Ucwaningo lwenziwe kubantu abangu-4190 baseNingizimu Afrika abaphakathi kweminyaka engu-18 no-34, ngokusho kwalo, baningi abesifazane abafuna uZuma aphume esikhundleni uma kuqhathaniswa nabesilisa.

Cishe u-64% wabesifazane abafuna uZuma aphume esikhundleni, kube u-57% wabesilisa.

Bangu-58% abamnyama abeseka ukukhishwa kukaZuma, babengu-69% abamhlophe, kube u-74% amakhaladi kanti u-79% wamandiya wona ufuna aphume.

KwaZulu-Natal usathandwa kakhulu uZuma, ngokusho kocwaningo.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • sfisoinnocent.mabuza.9 - 2012-09-30 18:44

    even if jz can cum bck 4 da 2nd term.. He ll b da president of country bt nt mine.. Coz da chances 4 him 2 cum bck maningi.. Angithi he hav mani 2 buy votes bt if it waznt dat, he waz gna kiss da president position gudbye.

  • pages:
  • 1