News24

Usejovekile yimbiza yocansi

2012-08-22 14:06

Durban - Khohlwa nya nge-viagra nangezinye izikhuthazi uma uya ocansini, uThemba Biyela waseMpangeni usebenzisa imbiza evutha bhe ekuthiwa nguMadidizela, eyenza obaba babe bukhuphekhuphe ocansini.

Unkosikazi kaBiyela uthe uMadidizela wenza umyeni wakhe aphenduke inkunzi embhedeni, kusho iDaily Sun.

UBiyela uthenga le mbiza ngo-R200, uthi ukholwa wukuthi uma uchatha ngayo ikwenzela izimanga.

Lona osebenza njengonogada utshele iphephandaba wathi akasakwazi ukuphila engayisebenzisile imbiza.

“Sengijovekile, njalo ngidlulisa amahora amabili bese ngiyachatha. Ngiyaphoqeka ukungena ethoyilethe ngiyochatha. Usengisize kakhulu uMadidizela, ngimphatha noma ngiya kuphi.”


 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



Comments
  • nhlanhla.s.zwane - 2012-08-22 17:13

    Ubhasobhe angakukhiphi amathumbu umadidizela

  • pages:
  • 1