News24

Usenkantolo osolwa ngolwekhansela le-IFP

2012-11-02 08:00

Johannesburg - Usomatekisi osolwa ngokuthumba nokubulala ikhansela leNkatha Freedom Party uThemba Xulu uzovela eNkantolo yesiFunda yaseThekwini ngaleli cala ngoLwesihlanu.

NgoMsombuluko, iMantshi yeNkantolo yaseNtuzuma, uThabani Buthelezi ucele ukuba leli cala liyiswe kule nkantolo ukuze umsolwa ezokwazi ukufaka isicelo sebheyili.

Le ndoda, 34, iboshwe ngempelasonto.

UXulu wathunjwa ekhaya lakhe KwaMashu ngo-Okthoba 5, amadoda ayezenza amaphoyisa.

Isidumbu sakhe satholakala ngemuva kwezinsuku ezimbili eTafuleni, eNanda.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter