News24

Usenkantolo uthisha ngelokudlwengula eKZN

2012-03-14 10:10

Durban - Uthisha osolwa ngokudlwengula intombazane, 12, uzovela eNkantolo yeMantshi yaseHowick ngoLwesithathu, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

"Umsolwa, 54, waboshwa ngoMsombuluko eHowick," kusho uCaptain Thulani Zwane.

Lo mfundi wayethunywe omunye uthisha ukuba ahambise amaphepha kumsolwa, nowabe esedlwengulela lo mfundi ekilasini elalingenamuntu ngezithuba zawo-09:45.

Lo mfundi wabe eselubika lolu daba kwase kubizwa amaphoyisa.

UZwane uthe amaphoyisa aphenya icala lokudlwengula.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter