News24

Usevalelwe ona-14 obulele

2012-07-12 14:04

Johannesburg - Isivalelwe intombazane eneminyaka engu-14 ubudala esolwa ngokugwaza ibulale isoka layo.

Le ntombazane yaseGa-Mothapo, eLimpopo kuthiwa yagwaza isoka layo, u-Andries Kubayi, ngesikhathi beba nengxabao.

UConstable Moses Molepo uthe amaphoyisa alunywe indlebe atshelwa ukuthi intombazabe ibhace esontweni elithize elikhona endaweni.

UKubayi ubefunda u-Grade 10, wagwazwa esifubeni washonela endaweni yesehlakalo.

UMolepo uthe intombazane izovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eMankweng, ngoLwesine.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • Mahlikiza - 2012-07-12 16:58

    Kwakuhle wabajwa, hawu kanti nabantu besfazane sababa imgulukudu yini, ukufa kwezwe. Konke lokhu.

  • pages:
  • 1