News24

Ushise umjondolo wentombi kwashona ingane

2013-06-10 13:01

Johannesburg - Ngesikhathi owayeyisoka likaDipoe Motloung, 33, emtshela ukuthi uzoshisa umuzi wakhe, akazange amnake njengoba ayejwayele ukumsabisa kanjena.

“Ngizowushisa umjondolo wakho ngiqinisekise ukuthi uyafa,” kubikwa ukuthi wamtshela kanje uMotloung.

NgoMgqibeo ebusuku kwenzeka okungaphezulu kwalokho.

Indodakazi kaDipoe eneminyaka emithathu ubudala, uPrecious kanye nomngani kaDipoe, uNelly, kumanje basemakhazeni.

Basha bangqongqa besendlini kaDipoe eThokoza, eningizimu yeGoli.

“Ngangicabanga ukuthi uyazidlalela ngoba bese kuphele izinyanga ezintathu elibele esho into efanayo,” kusho uMotloung, etshela iDaily Sun.

“Ngashiya indodakazi yami kanye nomngani wami endlini, ngithe sengibuya konke bese kuwumlotha. Angikwazanga kusindisa muntu, kudingeke ngibukele kufa abantu abangenacala.”

Lo mama onezingane ezimbili futhi ongasebenzi, uthe le ndoda ibivele iyizonda indodakazi yakhe.

“Leso esinye sezizathu esenza ngahlukana naye."

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Godfrey Maditsi uthi kuvulwe icala kanti kuyaphenywa.



 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).