News24

Utheleke ngokuthula enkantolo uMalema

2012-11-30 12:04

Polokwane - Egqoke isudi, uJulius Malema uhlale phansi etshengisa ungatatazali ngaphambi kokuqhubeka kwecala eNkantolo eNkulu yaseLimpopo, ePolokwane, njengoba esolwa ngamacala okuwaka ngoLwesihlanu.

Lo mholi we-ANC Youth League owaxoshwa ubingelele abezindaba etshengisa umusa, njengoba eze wabaxhawula abanye.

UMalema akatshengisanga nokuncane ukukhathazeka njengoba ebezilungiselela ukubhekana namacala okukhwabanisa, inkohlakalo nokuphatha budlabha imali.

Amaphoyisa abenkanise ngaphandle kwenkantolo eqaphe isimo.

Akuzange kubikwe siphithiphithi.

Icala libe selihlehliselwa unyaka ozayo.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • qhubekani.ndebele - 2012-11-30 15:16

    Inye nje into esengisuke ngayinanzelela ngabaphathi bethu ngifunde ukuthi ukuze ubuse iLizwe kufanele uqale ngokwephula umthetho,ugwetshwe :ukuphuma kwakho enTilongo uzokhethwa njengophathi weZwe! Yilento ezanywa kuMnu. Malema. UMthetho mawusebenze makungakhethwa hlangothi! Ayilunganga lento eyenziwa nguMalema finish en Klarr!

  • pages:
  • 1