News24

Uthelekile eNdiya uZuma

2012-03-28 14:14

India - UMengameli wezwe uJacob Zuma, usethelekile eNdiya, la khona ehola ithimba elihambele umhlangano owaziwa ngeBRICS, ohlanganisa amazwe amahlanu okuyiBrazil, Russia, iNdiya, China neNingizimu Afrika.

Lo mbiko ukhishwe ngumthombo wezindaba i-Eyewitness News, ngoLwesithathu.

Lo mhlangano uhlanganisa abaholi bamazwe amahlanu asathuthuka.

Ithimba likaZuma lihlanganisa ongqongqoshe beminyango eyehlukene okunguMnyango wezangaPhandle, uMnyango wezoHwebo, uMnyango wezokuXhumana nokuThuthukiswa koMnotho kanjalo noMnyango wezeziMali.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).