News24

Uthisha udlwengule izingane ezingu-7

2012-10-10 14:37

Cape Town - Inkantolo eNkulu eWestern Cape imthole enecala lokudlwengula amantombazanyana ayisikhombisa uthisha oneminyaka engu-49 ubudala.

Iphephandaba iCape Argus libike lathi uthisha uLawrence Gagu, uphinde watholakala enecala elilodwa lokwazisa ingane ngocansi, namathathu okubukisa izingane izithombe zocansi.

Amacala wonke ahlanganisa izingane eziseminyakeni ephakathi kweyisishiyagalombili neshumi nambili ubudala, wonke enziwa kusukela ngo-Juni 2009  kuya kuMashi 2010.

Izingane zethule ubufakazi zichaza ngendlela uGagu ayeziyengela ngayo emkhukhwini wakhe oseMakhaza, ethi asizohlanza indlu.

Kuthiwa lo thisha wayevame ukuhamba nezingane ngazimbili, bese ethuma enye, asale adlwengule esele.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • thulisilezulu.joice - 2012-10-10 16:17

    Nx ghaaa! As far as I knw teachers used to b parental guidance, bt nw ay ay ay! This man mst go to hell!

  • pages:
  • 1