News24

Uthisha umbondele izingane emotweni

2012-10-12 08:20

Johannesburg - Uthisha wasenkulisa esePitoli ubanjwe embondele izingane ezingu-19 emotweni yakhe yohlobo lweRenault Clio, kusho umbiko wephephandaba iBeeld ngoLwesihlanu.

Zonke lezi zingane, ekungezasenkulisa eseRietfontein, beziphakathi kweminyaka emine neyisithupha ubudala, kanti bezibuya eSpur ngoLwesine ntambama ngesikhathi zikhishwe yisikole.

Ngesikhathi amaphoyisa kaMasipala waseTshwane emisa uMelanie Minnie, bekunezingane ezingu-19 ebezilunguze emawindini.

"Besiqala sigcina ukuzikhipha njengesikole," kusho uMinnie, obethukile.

Ilungu lomphakathi lifonele amaphoyisa ngesikhathi uMinnie emi endaweni yokupaka enxanxatheleni yezitolo eJacaranda, kwaphuma inqwaba yezingane emotweni yakhe.

UMinnie uhlawuliswe u-R1 500.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter