News24

Utshwala obenza abantu babulalane - Ungqongqoshe

2012-09-20 14:04

Cape Town - Okungenani u-65% wabantu ababulawayo kuleli kusuke kuqale izingxabano abantu bephuza utshwala, kusho uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uNathi Mthethwa ngesikhathi ethula umbiko ngobugebengu kuleli.

Ungqongqoshe wethule umbiko wonyaka wezimali u-2011/12, wathi izehlakalo zokubulawa kwabantu zehle ngamaphesenti angu-3.1 kusukela ngesikhathi esedlule.

"Izehlakalo zokubulala zingezinye ezivamile kuleli," kusho uMthethwa.

UMthethwa uthe izigameko zokubulalana kwabantu zenzeka kakhulu ngemuva kwezingxabano eziqubuka uma abantu bephuze kakhulu utshwala.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).