News24

Uvelile osolwa ngelokubulala

2012-10-16 16:20

Johannesburg - Ivele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseLouis Trichardt indoda esolwa ngokubulala umshayeli wesitimela waseMakhado, kusho amaphoyisa aseLimpopo. 

UBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe umsolwa uManyere Jerry Shuma, 22, waboshwa ngempelasonto eboshelwa icala lokugqekeza.

"Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi uyathinteka ekudlwengulweni nasekubulaweni komshayeli uNare Mashamaite, owabulawa ngenyanga kaJuni," kusho uMulaudzi.

UMashamaite, 47, wadlwengulwa wase ebulawa ngokuklinywa, lokhu kwenzeka esiteshini iMakhado, yena nomunye ayesebenza naye, bamisa isitimela esasizwkala sengathi sinenkinga.

Umsolwa uzobuyela enkantolo mhlaka-22 Okthoba, ezofaka isicelo sebheyili.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).