News24

Uxoshiwe umfundisi owakhumulisa abazalwane

2012-08-17 12:03

Bloemfontein - Ugcine ngokuxoshwa umfundisi waseBloemfontein webandla iSeventh-day Adventist obekade esolwa ngokuthi wakhumulisa izithandani ezingu-17 ayekade eziyala ngaphambi komshado.

Umfundisi uSteyn Venter kuthiwa wayalela izithandani ukuthi azikhumule izingubo zigijime zibhushuzela wase ethwebula izithombe zabanye, kubika iphephandaba iVolksblad.

UVenter uxoshwe ngemuva kokulalelwa kwecala lakhe lokuqondiswa izigwegwe, kusho umengameli webandla KwaZulu-Natal naseFree State uBMP Ngwenya.

"Kubuhlungu lokhu okwenzeka kodwa kungcono ngoba sekuphelile ngakho," kusho omunye wabakhumuliswa.

Umbiko wephephandaba ngoJulayi, wathi izithandani zavuma ukuthwetshulwa kanti umfundisi nguye obegcina izithombe.

UVenter walile ukukhuluma nabezindaba.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • mlulami.dike - 2012-08-17 14:41

    Makaxoshwe impela lowo mfundisi okhumulisa izithandani b4 zishade.Udinga ukuya ejele ngempela.Hawwu bakithi,kanti siyaphi lesiSizwe sakithi?.UNkulunkulu kudingeka ukuthi abuy'impela ngoba akusekho loku kwenzeka emhlabeni.

  • pages:
  • 1