News24

Uyalulama umfundisi ogwazwe egqekezelwa

2012-05-09 12:26

Cape Town - Umfundisi waseKapa ogwazwe esigamekweni sokuphangwa kwesonto lakhe uyalulama esibhedlela, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

ULieutenant Colonel Andrè Traut uthe umfundisi waseConstantia Catholic Church uhlaselwe kuleli sonto ngeSonto ebusuku waphucwa imali amadoda amathathu.

I-website i-IOL icaphune lo mfundisi, u-Andrew Cox, ethi bathathe ukhiye wesonto, nowasendlini yakhe nesamba sika-R3 500.

Ube esegwazwa emlenzeni, base bemvalela kwelinye lamagumbi.

Watholwa ekuseni ngoMsombuluko sekufika umsebenzi.

Akukaboshwa muntu.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter