News24

Uzobhadla obulale ugogo wakhe

2012-09-06 08:21

Pretoria - Uzohlala ejele impilo yakhe yonke umlisa waKwaMhlanga olahlwe yicala lokudlwengula nokubulala ugogo wakhe oneminyaka engu-92 ubudala.

USipho Oupa Kubeka, 38, uvume leli cala ngaphambi kwejaji eNkantolo eNkulu ePitoli.

Inkantolo igwebe uKubeka odilikajele ababili, ngemuva kokuzivumele yena leli cala, lona ubonakale echiphiza ngesikhathi egwetshwa yiJaji uSelby Baqwa, uthe akazi wabe embulalelani ugogo wakhe uKonzaphi Elizabeth Kubeka.

UKubeka wamukele isigwebo sakhe wase etshela inkantolo ukuthi uyazisola, uthe uyafisa ukuthi umndeni umxolele.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • Mahlikiza - 2012-09-06 09:25

    Sasihle isgwebo bo, noma kuthiwa uyahlanya ekhanda, usungaze udlwengule ugogo wakho, into yokubulawa le, yinja qobo.

  • Mahlikiza - 2012-09-06 09:25

    Sasihle isgwebo bo, noma kuthiwa uyahlanya ekhanda, usungaze udlwengule ugogo wakho, into yokubulawa le, yinja qobo.

  • pages:
  • 1