News24

Uzobhekana necala owelambu elikuhlaza

2012-04-19 10:02

JOhannesburg - Uzobhekana necala umshayeli wemoto yesikhulu eyayiphayiza ilambu elikuhlaza eyashayisa umfana waseWest Rand uThomas Ferreira.

UJoseph Modomai Semietjie, ongaphansi kophiko oluqapha izikhulu nguye owayeshayela imoto eyi-BMW X5 eyayithwele isikhulu uHumphrey Mmemezi ngenyanga kaNovemba ngonyaka ka-2011.

Imoto yashayisa yalimaza kambi umfana.

Iphini likaMqondisi woMvikeli woMphakathi esifundazweni u-advocate Andrew Chauke, uthe kumele uSemietjie athweswe icala.

Lokhu kuvezwe ngumkhulumeli kaChauke uPhindi Louw, etshela iphephandaba iBeeld.

Ufakazi owabona kwenzeka le ngozi u-Andrew Morton, uthi usazisiwe ngokuqhubekayo mayelana nalolu daba.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).