News24

Wemukwe umshado 'oseshadile'

2012-07-11 10:02

Johannesburg - Indodana edinwe igane unwabu isithathe ilobo layo yahoxisa nomshado ngenxa yokuthi ingoduso yayo ishade nenye indoda, kubika iDaily Sun.

UNtombizilungile Yozi, 31, usale enkemile eshiywa yisoka lakhe uMsingathi Mtshakazi,34.

Lezi zithandani zase-East London bekumele zishade ngoMeyi.

Bezihlala ndawonye endlini engemuva kubo kaNtombizilungile e-Amalinda Forest. 

UMsingathi usebuyele emndenini wakhe wathatha nelobolo lakhe lika-R10 000. 

“EMnyangweni wezaseKhaya kuthiwa ushadile. Ngeke sikwazi ukuqhubeka nomshado kuze kulungiswe izinto.”

“Akukho engingakwenza uma engakwazi ukuyilungisa le nto ngokushesha ngoba ngaphandle kwesitifiketi somshado, awukho umshado,” kusho uMsingathi. 

UNtombizilungile uthe izinkinga zaqala ngesikhathi elahlekelwa ngumazisi wakhe eGoli ngo-Ephreli 2006.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Su kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

Comments
  • celiwecindy.ngongomamkhize - 2012-07-11 16:15

    awu balithi uselithathelani ilobolo lomlisa ngoba akaqolwanga , intombazane yashada ingazi nayo. Ubevele engafuni haw

  • pages:
  • 1