News24

Zibakhalele abamakhadi omkokotelo eKapa

2012-04-04 07:08

Cape Town - Bagwetshwe izinyanga ezingu-18 umuntu ngamunye bebhadla ejele abesilisa ababili enkantolo yaseKapa ngokuthenga i-airtime nokukhokha izikweletu zasehhotela ngamakhadi omkokotelo.

UMogamat Martin, 40, waseMitchell's Plain, noShaun Visser, 37, waseStrand, bagwetshwe yiNkantolo ePhathelene nezeziMali yaseBellville.

UMshushisi Simone Liedeman uthe laba babanjwa ngo-Agasti wangonyaka odlule, kwaPick n Pay oseHermanus bephethe amakhadi angumkokotelo.

Ngokwamaphepha asenkantolo, uMartin wathenga i-airtime ka-R48 323 kulesi sitolo, waphinda enye ka-R15 000 kaCheckers.

UVisser naye wathenga engaphezu kuka-R50 000 izikhawu ezehlukene.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter