News24

Zimkhalele obanjwe nezibhamu nensangu

2012-08-29 07:25

Johannesburg - Kuboshwe owesilisa, 60, ngesikhathi etholakala nezikhwama ezingu-64 zensangu nezibhamu ePort St Johns, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

ULieutenant Colonel Mzukisi Fatyela uthe lo wesilisa uphinde watholakala nezinhlamvu zesibhamu ezingu-1 000.

“Sisaphenya ukuthi ngabe ubesebenza yedwa na noma bayiqeqebana,” kusho uFatyela.

Le ndoda izovela eNkantolo yeMatshi yasePort St Johns ngoLwesithathu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter