News24

Zimkhalele umfundisi ngelokudlwengula

2013-02-13 08:16

Rustenburg - Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela umfundisi, 29, wasePhokeng, ngaseRustenburg, ngezinsolo zokudlwengula intombazane, 17, kusho amaphoyisa aseNorth West.

UBrigadier Thulani Ngubane uthe umfundisi lo ubevakashele ibandla iPerish for a Crusade, ePhokeng, isikhathi esiyisonto.

Uthandazele le ntombazane ngesikhathi kunezinkonzo, kokunye wayilanda nomngani wayo ukuba bazomsiza ukuhlanza isonto ebusuku.

NgoLwesibili, ube esecela ukuyihambisa esikoleni, yavuma.

“...Esikhundleni sokuyiyisa esikoleni, umsolwa ujikele esikhotheni esiseduzane wafike wayidlwengula," kusho uNgubane.

“Izakhamuzi ezibone imoto kamfundisi isithela emahlathini zibe sezibiza amaphoyisa, nabe esembamba oqotsheni eqhoqhobele ingane."

Umfundisi lo uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBafokeng ngoLwesithathu.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • snothando.mbulase1 - 2013-02-13 09:51

    Sale sewubuya Nkosi uzolanda lezinja eziganga zibe zisebenzisa igama lakho uzikhaphele kaLasha,hhhhayi savelelwa Ngabefundisi abangakholiwe ababhace ngokholo ekwenzeni ukuncola kwabo

      zakhele.mashazi - 2013-02-13 11:49

      Sno kubukeka kunzima lento yaz asisaz sobalekelaph uma nabefundisi sebenje mina kodwa angikathandi inkos ibuye ngoba mina angikalungi nam ngokwami ukudlwengula kuqala kuma imaginations so ngeze kwaba ukudlwengula kuphela uma ucabanga kabi ukhuluma kabi weza kabi inkos soze yakuyeka so nkosi ngenze mina ngilunge nawe bekungaba iphupho lakho lelo

  • pages:
  • 1