News24

Zishiye kukhalwa izikhukhula eKapa

2012-06-27 12:05

Cape Town - Bangaphezulu kuka-5 000 abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula ebusuku eKapa, kusho ababhekele izinhlekelele ngoLwesithathu.

Isikhulumi uWilfred Solomons-Johannes uthe abantu abangu-5 560 abasiziwe endaweni yakwaNomzamo, eMonwabisi Park nakwa-C eKhayelitsha.

Bonke bazohlinzekwa ngokudla nezingubo zokulala.

Idolobha balindele izimvula ezincane ezinsukwini ezimbili ezizayo nezimvula ezinamandla ngoLwesibili.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter