News24

Zivelile izimantshi ngelokweba

2012-08-23 08:17

Johannesburg - Zivele eNkantolo yeMantshi yaseKrugersdorp izimantshi ezimbili ezingamabamba ngemuva kwezinsolo zokuthi zitholakale nemoto eyebiwe.

Leli cala elibhekene noRhodes Thuwe noTiragalo Sejwane - nababoshwa ngo-Ephreli 4 - lihlehliselwe uNovemba 21, kubika iphephandaba iSowetan.

Kusolakala ukuthi le moto yayebiwe e-scrap yard eRoodepoort.

Bobabili bakhishwe ngebheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter