News24

Zizolokhu zivaliwe izikole eKuruman

2012-08-29 12:01

Johannesburg - Zizolokhu zivaliwe izikole ezingu-41 zaseNorthern Cape ngenxa yezinxushunxushu ezilokhu ziqhubeka, kusho uMnyango wezeMfundo.

Okhulumela uMnyango uPanyaza Lesufi uthe amaphoyisa azosukuma ame ngezinyawo ukuzama ukunqanda izigameko zokwesabisa eziqhubekayo.

"Lezi zigameko kumele kuphenywe ngazo bese ababandakanyekayo bathathelwe izinyathelo zomthetho."

Izikole ezingu-41 kwezingu-65 ngaphansi kukaMasipala iJohan Taolo Gaetsewe, eKuruman, zilokhu zavalwa ngenyanga kaJuni.

UMnyango uthe izikole zizovulwa kuphela uma isimo sesizothile.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).