News24

Kuboshwe izithandani ngelokudlwengula

2013-02-21 07:50

Limpopo - Indoda yaseLimpopo nonkosikazi wayo balale bebaliwe mayelana nokudlwengulwa kwengane, 12, endaweni yaseMashishimale, eNamakgale, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

UBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe amaphoyisa aziswe ngalesi sigameko nguthisha womntwana ngoLwesibili.

Ingane ibe isiyiswa esibhedlela nalapho kufike kwaqinisekiswa ukuthi idlwenguliwe.

“Uthisha ubekhathazekile ngendlela ingane ibiyiyo wase eyibizela emnyango,” kusho uMulaudzi.

Amaphoyisa abe esebabela emzini walezi zithandani abopha ubaba wale ngane ongayizali, 36, nomama wayo, 29.

“Owesifazane uvumile ukuthi ubazi ngokudlwengulwa kwengane," esho.

Kusolakala ukuthi le ndoda yaqala ngo-2011 ukuzitika ngale ngane.


 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



Comments
  • Mthembo Ajloam Mathe - 2013-03-22 03:30

    UBOLILE LOMZALI NDINI SHES A DISGRACE TO WOMAN,MFAZI MUNI OKHETHA ISENDE OVER INGANE YAKH..BOMAMA PLEASE AKENODLALE INDAWO YENU TU..NIYEKE UKUFUKAMELA IZIGILAMKHUBA ZENSWELABOYA..THE FACT THAT NIYAKUFIHLA IT MEANS YOU ALSO INVOLVED AND PROMOTING IT WOMAN..WHAT THE F***K IS WRONG WITH YOU PEOPLE!!

  • pages:
  • 1