News24

Ubulili bulawulwa yisitho sangasese - Umbono

2013-01-22 16:23

Cape Town - Uhulumeni waseNepal useshintshe ukwenza, wanika abantu bezwe igunya lokuthi bafihle ubulili babo uma bethanda.


UMnyango wezaseKhaya ufake ubulili besithathu obungachazeki, ongakhetha bona uma ungafuni ukuchazwa njengowesilisa noma owesifazane.

Izishoshovu zishayele uhulumeni ihlombe zithi lokhu kuzokhulula abantu abayizinkonkoni.

Ubulili lobu buchazwa kuphela njenge-third gender (ubulili besithathu).

Abafundi babeka imibono yabo ngalokhu:

URonah Nontobeko Ziqubu
uthe: Kakade uNkulunkulu wadala u-Adamu kwabesilisa, wadala u-Eva kwabesifazane akaze abebikho ophakathi nendawo ozoba i-third gendar, umbhedo nje lowo.

USomlie Maphumulo Melon uthe: Kulokhu kuthiwa izwe liyabhubha kanti libhujiswa ileziziphukuphuku eziphathiswe amazwe.

Kuyisono esibi ukuphambana nezinto esadabuka zenziwa, uNkulunkulu wadala ubulili baba bubili kuphela.

UKhulumani Geo Mavuso uthe: Lokhu kusho ukuthi benza UNkulunkulu umqambimanga.

IBhayibheli lithi wabadala owesilisa nowesifazane, wabanikeza inkululeko yokuzikhethela, akadalanga i-third gender, lokho kuwukuphuphutheka komqondo.


UZamani Pz Qwabe
uthe: Into elawula ubulili bomuntu yisitho sakhe sangasese.

Ngicela ukubuza ukuth lowo oyi-third gender yena uphethe hlobo luni lwesitho sangasese, cha inganekwane phela lena, angivumi mina.


UQalokwakhe S Mota
uthe: Lokhu ngingakubiza ngombhedo!

Okungikhalisa kakhulu ukuthi uhulumeni walapha eNinizimu Afrika, uzobuka lento njengento enhle bese ethi nalapha isingenziwa ngoba bazithanda kabi izinto ezingumsangano.

Buka ngoba izinkonkoni nazo zavunyelwa ngoba sebebukele kwamanye amazwe ahlaselwe ngusathane.


 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




Comments
  • Madlangempisi - 2013-02-11 08:47

    Ubulili bubili kwaphela nje cha ( isifazane kanye nesilisa) lokhu kwe third gender kogcina kuphela uma kugcwaliswa amaform athize noma ezomsebenzi.

  • Melissa Mhlongo - 2013-03-18 13:11

    Mina angwuzwa kahle wonke lomsangano manje

  • Niss NP Nomfundo Ngcobo - 2013-05-15 11:02

    kusukela emandulo kwakukhona ubulili obubili obesithathu babungekho

  • Musa Majola - 2013-06-05 03:47

    mina angiyiboni nje lento mina ngazi ukuthi kukhona indoda= umama ,intombi=insizwa, isalukazi =ikhehla kanjalo kanjalo manje ke laba bobulili besithathu bavalekile yini ngaphambili lokhu okwenza bengaphawuleki ukuthi bayisimo sini??

  • Sello Simon Phakathi - 2013-06-26 10:38

    Ubulili besithatu abukho kodwa yimikhuba yabantu abayenzayo esikhathini samanje esiyenza abantu badideke sengathi kukhona ubulili besithathu. from Sello Phakathi

  • Sello Simon Phakathi - 2013-06-26 11:27

    ag

  • Zanomhlola Mekuto-soga - 2013-07-04 01:32

    GOD CREATED ADAM & EVE,NOT ADAM & STEVE OR MADAM & EVE,SOKE SISI DANCE 4 YOUR MUSIC SUKUSOKOLISA APHA MAARN.

  • Xolani Cyprian Chamane - 2013-07-04 15:15

    Ch wumsanganoke lo,kungani iziphathimandla zidlala ngathi

  • Sihle Cebekhulu - 2013-07-29 09:40

    SIHLE CEBEKHUILU: Umsangano lo, empeleni baningi abantu abasezikhundleni abasetshenziswa usathane ukuphikisana nonkulunkulu

  • Sithembiso Nkosi - 2014-09-16 06:44

    Weee hhayi ke! Ayikho ke le! ngiyadabuka ngoba naleSouth Africa yethu isizolandela, phela uHulumeni wethu ave ezithanda izinto eziwumbhedo.

  • pages:
  • 1